Ithemba
Advertisement Reach real local readers – Advertise with Pondoland Times

Bathi ithemba alibulali

liyaphilisa

Advertisement
Mamatheka WiFi

seloko ngalibamba ngazozibili ezam’izandla

angikaze ngaliphoncula

ngiyaguga manje seloko ngalibamba

ngilibambe ngezandla zozibili

yingakho ukuqalaz’umsebenzi sekukungiphelisela ngethemba

Advertisement
Ekoneni Flames Food Corner

kade ngangqongqoza

ngi kokota ,yize ngingasilona I piano kodwa ngasosonke

iskhathi bengihlala ngingqongqoza

 

ekhaya babheke Mina

nasemikhulekweni babeka Mina

ngoba ngiyithemba labo ababheke kulona

Nami ngisanethemba lokukhuphumelela

ngoba nalapho kungekho khona iqhude kuyasa

amakholwa athi, Thandaza mtanami

uqinisukholo lwakho

ngobindlela yinde eyempumelelweni

Mina ngizophumelela ngaphandle kokuphumibele

 

vele ontangayethu abaningi ukuze bephile

kuyekwaphoqeleka ukuthi bephumibele

ukuzebephumelele

nalempumelelo ayive inzima ,ngoba yanda kakhulu komacaphuna kusale

Thina sisale

kodwa njengezintombi eziyishumi zasebhayibhile

Nami ngiyobambelela njalo ethembeni

hlampe Nami ngelinye ilanga ngiyophumelela

kwazimabani?

unkulunkulu kuphela osezulwini,owangazi ngisasesibelethweni samama

abadala bathi ithemba alibulali

liyaphilisa,ngizophokophela ngibheke phambile

ngihlalethembeni

ngoba kuthiwa izintezinhle zithathiskhathi

izintezinhle kananjalo zithathi skhathi

hlale thembeni mntanami

ithemba alibulali

📰 At Pondoland Times, all articles are reported and verified by human journalists. Technology may support us, but people remain at the heart of our news.
Advertisement Download the Pondoland Times App – Grants, Jobs and Local Alerts

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here